1. Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.
2. Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.
3. Kwabuthelwa khona imihlambi yonke, balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu, balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.
4. UJakobe wathi kubo: “Bazalwane, nivelaphi na?”Bathi: “SingabakwaHarana.”