Ugenesise 28:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Isaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.

2. Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.

3. UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,

4. akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”

5. U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.

6. U-Esawu ebona ukuthi u-Isaka umbusisile uJakobe, wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi, nokuthi lapho embusisa wamyala wathi: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,”

7. nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu,

8. khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise,

9. waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.

10. UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.

11. Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.

12. Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.

Ugenesise 28