42. URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.
43. Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,
44. uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,
45. kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenze kuye, bese ngithuma ngikulande khona; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?”
46. URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?”