Ugenesise 27:37-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. U-Isaka waphendula, wathi ku-Esawu: “Bheka, ngimmisile abe yinkosi yakho, nabafowabo bonke ngimnike bona babe yizinceku zakhe; ngimphasile ngamabele nangewayini; ngingase ngikwenzeleni wena ndodana yami na?”

38. Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.

39. U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye:“Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlabanamazolo ezulu avela phezulu.

40. Uyakuphila ngenkemba yakho,umkhonze umfowenu;kuyakuthi lapho udlubulunda,uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”

41. U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”

42. URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.

43. Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,

44. uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,

45. kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenze kuye, bese ngithuma ngikulande khona; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?”

Ugenesise 27