Ugenesise 27:26-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Uyise u-Isaka wathi kuye: “Ake usondele ungange, ndodana yami.”

27. Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi:“Bheka, iphunga lendodana yamilinjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.

28. UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu,namanoni omhlaba,nenala yamabele neyewayini.

29. Abantu mabakukhonze,izizwe zikukhothamele;yiba yinkosi yabafowenu,amadodana kanyoko akukhothamele;makaqalekiswe okuqalekisayo,abusiswe okubusisayo.”

30. Kwathi u-Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe, uJakobe esand' ukuphuma ebusweni buka-Isaka uyise, wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.

Ugenesise 27