Wayesethi: “Sondeza kimi, ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise.” Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza.