Ugenesise 27:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe: “Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola, ndodana yami, na?”Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.”

21. U-Isaka wayesethi kuJakobe: “Ake usondele, ngikuphathe, ndodana yami, uma uyindodana yami u-Esawu uqobo noma ungesiyo na?”

22. UJakobe wasondela ku-Isaka uyise; wamphatha, wathi: “Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zika-Esawu.”

23. Akamazanga, ngokuba izandla zakhe zazinoboya njengezandla zomnewabo u-Esawu; wayeseyakumbusisa.

Ugenesise 27