Ugenesise 27:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

16. Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo.

17. Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.

18. Yena waya kuyise, wathi: “Baba!”Wathi yena: “Ngilapha; ungubani wena ndodana yami na?”

19. UJakobe wathi kuyise: “Ngingu-Esawu izibulo lakho; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.”

Ugenesise 27