Ugenesise 27:11-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. UJakobe wathi kuRebeka unina: “Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha.

12. Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.”

13. Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”

14. Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.

15. URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

16. Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo.

17. Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.

Ugenesise 27