5. U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.
6. Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.
7. Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
8. U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.
9. O-Isaka no-Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,
10. insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe.
11. Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.
12. Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.
13. Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
14. noMishima, noDuma, noMasa,
15. noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema;
16. yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.
17. Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.
18. Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.
19. Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;
20. u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
21. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
22. Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.