Ugenesise 25:24-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.

25. Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.

26. Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.

27. Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.

28. U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.

29. Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe.

30. U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.*

31. Wayesethi uJakobe: “Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.”

32. Wathi u-Esawu: “Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?”

33. UJakobe wathi: “Funga kimi namuhla.” Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.

Ugenesise 25