Ugenesise 25:2-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa.

3. UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi.

4. Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.

5. U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.

6. Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.

7. Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.

8. U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.

9. O-Isaka no-Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,

10. insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe.

11. Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.

12. Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.

13. Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,

14. noMishima, noDuma, noMasa,

15. noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema;

Ugenesise 25