19. Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;
20. u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
21. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
22. Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.
23. UJehova wathi kuye:“Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili;izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho;esinye isizwe siyakwahlula esinye,omkhulu akhonze omncane.”
24. Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.
25. Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.