Ugenesise 25:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura.

2. Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa.

3. UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi.

4. Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.

5. U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.

6. Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.

7. Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.

Ugenesise 25