Ugenesise 24:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.

10. Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

11. Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.

12. Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.

13. Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.

14. Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”

15. Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

16. Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

17. Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.”

Ugenesise 24