Ugenesise 24:64-67 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

64. NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni.

65. Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.

66. Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile.

67. U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.

Ugenesise 24