56. Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”
57. Base bethi: “Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.”
58. Bambiza uRebeka, bathi kuye: “Uzakuhamba nale ndoda na?”Wathi: “Ngizakuhamba.”
59. Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo.
60. Bambusisa uRebeka, bathi kuye:“Dadewethu,yiba wena izinkulungwane zezigidi,inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”
61. URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.
62. Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.
63. U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
64. NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni.
65. Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
66. Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile.
67. U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.