Ugenesise 24:56-62 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

56. Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”

57. Base bethi: “Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.”

58. Bambiza uRebeka, bathi kuye: “Uzakuhamba nale ndoda na?”Wathi: “Ngizakuhamba.”

59. Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo.

60. Bambusisa uRebeka, bathi kuye:“Dadewethu,yiba wena izinkulungwane zezigidi,inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”

61. URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.

62. Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.

Ugenesise 24