Ugenesise 24:5-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Inceku yathi kuyo: “Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela, eze kuleli zwe; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni, lapho wavela khona na?”

6. U-Abrahama wathi kuye: “Qaphela ukuba ungayibuyiseli khona indodana yami.

7. UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.

8. Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.”

9. Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.

10. Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

11. Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.

12. Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.

13. Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.

14. Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”

15. Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

16. Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

17. Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.”

18. Yathi: “Phuza, nkosi,” yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa.

19. Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: “Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.”

20. Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.

21. Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.

22. Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:

Ugenesise 24