Ugenesise 24:47-57 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. “Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’“Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.

48. Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.

49. Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”

50. Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

51. Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.”

52. Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova.

53. Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

54. Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”

55. Umnewabo nonina bathi: “Ake ihlale kithina intombazana izinsukwana, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.”

56. Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”

57. Base bethi: “Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.”

Ugenesise 24