Ugenesise 24:43-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,”

44. ithi kimi: “Phuza wena, futhi ngizakuwakhelela namakamela akho,” kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.’

45. “Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni, wakha; ngathi kuye: ‘Ake ungiphuzise.’

46. “Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: ‘Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho;’ ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.

47. “Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’“Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.

48. Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.

49. Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”

50. Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

Ugenesise 24