Ugenesise 24:35-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

36. USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.

37. Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,

38. kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.’

39. “Ngase ngithi enkosini yami: ‘Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.’

40. “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.

41. Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.’

42. “Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngithi: ‘Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo,

43. bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,”

Ugenesise 24