Ugenesise 24:33-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: “Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami.”Wathi: “Khuluma.”

34. Wayesethi: “Ngiyinceku ka-Abrahama.

35. UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

36. USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.

37. Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,

Ugenesise 24