29. URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.
30. Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.
31. Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”
32. Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
33. Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: “Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami.”Wathi: “Khuluma.”
34. Wayesethi: “Ngiyinceku ka-Abrahama.
35. UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.
36. USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.
37. Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,
38. kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.’
39. “Ngase ngithi enkosini yami: ‘Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.’
40. “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.