Ugenesise 24:24-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.”

25. Yaqhubeka yathi kuyo: “Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.”

26. Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,

27. yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”

28. Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto.

29. URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

Ugenesise 24