11. Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
12. Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.
13. Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.
14. Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”
15. Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.
16. Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.