Ugenesise 24:10-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

11. Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.

12. Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.

13. Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.

14. Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”

15. Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

16. Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

17. Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.”

18. Yathi: “Phuza, nkosi,” yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa.

19. Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: “Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.”

20. Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.

21. Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.

22. Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:

23. “Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?”

24. Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.”

25. Yaqhubeka yathi kuyo: “Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.”

Ugenesise 24