Ugenesise 23:18-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.

19. Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.

20. Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

Ugenesise 23