6. U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese; bahamba bobabili kanyekanye.
7. U-Isaka wathi ku-Abrahama uyise: “Baba.”Wathi yena: “Ngilapha, ndodana yami.”Wayesethi: “Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?”
8. U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.
9. Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.
10. U-Abrahama waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe.
11. Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!”Yena wathi: “Ngilapha.”
12. Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”
13. U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
14. U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.
15. Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,
16. ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,
17. ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,