17. ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,
18. nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”
19. U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u-Abrahama wakha eBeri Sheba.
20. Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:
21. Ngu-Use izibulo lakhe, noBusi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu,
22. noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,”