12. Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”
13. U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
14. U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.
15. Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,
16. ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,
17. ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,
18. nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”
19. U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u-Abrahama wakha eBeri Sheba.
20. Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:
21. Ngu-Use izibulo lakhe, noBusi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu,
22. noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,”
23. uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.
24. Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.