Ugenesise 21:9-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.

10. Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

11. Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe.

12. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

13. Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”

14. U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.

15. Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla.

16. Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

17. UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.

18. Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”

19. UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

20. UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.

Ugenesise 21