Ugenesise 21:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.

6. USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”

7. Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”

8. Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

9. USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.

10. Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

11. Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe.

12. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

Ugenesise 21