Ugenesise 21:20-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.

21. Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.

22. Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

23. Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”

24. U-Abrahama wathi: “Ngizakufunga.”

25. Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.

26. Kepha u-Abimeleki wathi: “Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.”

27. U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha u-Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.

Ugenesise 21