Ugenesise 21:17-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.

18. Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”

19. UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

20. UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.

21. Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.

22. Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

23. Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”

24. U-Abrahama wathi: “Ngizakufunga.”

25. Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.

26. Kepha u-Abimeleki wathi: “Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.”

27. U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha u-Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.

28. U-Abrahama wabeka izimvukazana eziyisikhombisa zomhlambi ngokwazo.

29. U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa ozibeke zodwa ziyini na?”

30. Wathi: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami, zibe ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo.”

31. Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.

32. Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.

Ugenesise 21