Ugenesise 21:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

11. Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe.

12. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

13. Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”

14. U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.

15. Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla.

16. Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Ugenesise 21