Ugenesise 21:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.

2. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye.

3. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka.

4. U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile.

5. U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.

6. USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”

7. Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”

8. Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

9. USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.

10. Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

Ugenesise 21