Ugenesise 2:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.

9. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

10. E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine.

11. Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide.

12. Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho.

13. Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe.

14. Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.

15. UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.

16. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,

17. kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”

18. UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

Ugenesise 2