Ugenesise 2:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.

21. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.

22. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.

23. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.”

24. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

25. Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

Ugenesise 2