Ugenesise 19:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

4. Zingakalali, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele.

5. Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

6. ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.

7. Wathi: “Bafowethu, ningoni.

8. Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndoda; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.”

Ugenesise 19