26. Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.
27. U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.
28. Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.
29. Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
30. ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.
31. Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.
32. Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”
33. Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.
34. Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”
35. Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.
36. Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise.
37. Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.
38. Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.