Ugenesise 19:20-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”

21. Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.

22. Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*

23. Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.

24. Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.

25. Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini.

26. Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.

27. U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.

28. Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.

29. Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.

30. ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.

31. Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.

32. Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

Ugenesise 19