10. Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.
11. Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.
12. Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,
13. ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”
14. Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
15. Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”
16. Esalibala, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, uJehova enomusa kuye; amphumisa, ambeka ngaphandle komuzi.
17. Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”
18. Kepha uLoti wathi kuwo: “Nkosi, makungabi njalo.
19. Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.
20. Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”
21. Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.
22. Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*
23. Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.