Ugenesise 19:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

2. wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.”Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”

3. Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

4. Zingakalali, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele.

5. Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

6. ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.

Ugenesise 19