Ugenesise 17:21-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”

22. UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.

23. U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.

24. U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.

25. U-Ishmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.

26. U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye.

27. Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.

Ugenesise 17