Ugenesise 17:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”

3. U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:

4. “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi.

5. Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.

6. Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.

7. Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.

8. Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”

9. Wayesethi uNkulunkulu ku-Abrahama: “Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo.

10. Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.

Ugenesise 17