Ugenesise 17:15-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.

16. Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”

17. U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”

18. Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”

19. UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.

20. Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.

21. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”

Ugenesise 17