Ugenesise 17:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.

2. Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”

3. U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:

Ugenesise 17