Ugenesise 16:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.

2. USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi.

3. USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

4. Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.

5. USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”

Ugenesise 16