8. Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.
9. Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.
10. Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
11. Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.
12. Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.
13. Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”
14. Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.